Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

KwabaseRoma 12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukuhamba okungcwele

1 Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda;

2 ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.


Ukuthobeka

3 Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.

4 Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye,

5 kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.

6 Sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo; uma singesokuprofetha, asiprofethe ngesilinganiso sokukholwa;

7 uma singesokukhonza, kube senkonzweni; ofundisayo, kube sekufundiseni,

8 oyalayo, ekuyaleni; owabayo, enze ngobuqotho; oholayo, ngenkuthalo; ohawukelayo, ngentokozo.


Uthando nokuphathana kahle

9 Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle;

10 thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane;

11 ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi;

12 ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo;

13 hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.

14 Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.

15 Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.

16 Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.

17 Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke;

18 uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke;

19 ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.

20 Kepha: “Uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.”

21 Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan