KuThithu 3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkulalela amakhosi 1 Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle, 2 bangahlambalazi muntu, bangabi yizilwi, babe ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke. 3 Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana. 4 Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu, 5 wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele, 6 amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu, 7 ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba. Xwaya izifundiso zamanga 8 Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu; 9 kepha gwema imibuzo yobuwula, nezindaba zolibo lokuzalana, nokubanga nokuphikisana ngomthetho; ngokuba lokho akusizi, kuyize. 10 Umuntu onezifundiso ezidukisayo, eselulekwe kanye nakabili male, 11 wazi ukuthi onjalo uphambukile, uyona, ezahlulela yena. Isigcino 12 Nxa sengithuma u-Arethema noma uThikhiku kuwe, woshesha ukuza kimi eNikopholi; ngokuba nginqumile ukuthi ngizakuhlala lapho ubusika. 13 UZena, ummeli, no-Apholo wobahambisa ngokunakekela, bangasweli lutho. 14 Nabakithi mabafunde ukukhuthalela imisebenzi emihle njengokuswelekileyo, ukuze bangabi ngabangenazithelo. 15 Bonke abanami bayakhonza kuwe. Khonza kwabasithandayo ekukholweni. Umusa mawube nani nonke. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa