KumaHeberu 8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUKristu usenguye umpristi omkhulu nasezulwini 1 Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini, 2 isikhonzi sokungcwele nesetabernakele* lempela elamiswa yiNkosi kungemuntu. 3 Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu umiselwa ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo; ngakho-ke kuyadingeka ukuba naye lo abe nakho okuthile kokunikela. 4 Ngokuba uma ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumpristi nakanye, ngokuba bakhona abapristi abanikela ngeminikelo ngomthetho, 5 bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,” 6 kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu. Isivumelwano esisha sikhulu kunesidala 7 Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala besingasoleki, bekungayikufunwa indawo yesibili. 8 Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo: “Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli, nendlu kaJuda, 9 kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami, nami angibanakanga, isho iNkosi. 10 Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi: ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami. 11 Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo, nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi INkosi;’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo. 12 Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo, nezono zabo angisayikuzikhumbula.” 13 Ngokusho lokho ukuthi: “Esisha,” uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa