Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

KumaHeberu 3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


UKristu mkhulu kunoMose, eyindodana yasendlini

1 Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu,

2 owayethembeka kuyena owammisayo, njengoMose naye wayenjalo endlini yakhe yonke.

3 Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu.

4 Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.

5 UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa,

6 kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.


Abakholwayo mabangadeleli izwi lakhe

7 Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,

8 ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni ngosuku lokulingwa ehlane,

9 lapho oyihlo bangilinga bengihlola, noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;

10 ngalokho nganengwa yileso sizukulwane, ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo, abazazanga izindlela zami,’

11 ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami, ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami.’ ”

12 Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;

13 kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono,

14 ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.

15 Uma kuthiwa: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni,”

16 pho-ke, yibaphi abezwayo bacunula na? Akusibo bonke abaphuma eGibithe ngoMose na?

17 Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamashumi amane na? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na?

18 Yibaphi afunga kubo ngokuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, uma kungesibo abangalalelanga na?

19 Siyabona-ke ukuthi babengenakungena ngenxa yokungakholwa kwabo.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan