Johane 2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEIsimangaliso sokuqala sikaJesu 1 Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu. 2 NoJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni. 3 Kwathi ukuba lisweleke iwayini, unina kaJesu wathi kuye: “Kabanalo iwayini.” 4 UJesu wathi kuye: “Mame, ungene ngani kokwami na? Isikhathi sami asikafiki.” 5 Wathi unina ezincekwini: “Nayikuphi akusho kini anokwenza.” 6 Kwakukhona lapho izimbiza zamatshe eziyisithupha zibekwe ngesiko lokuhlamba labaJuda, ziphethe yileso naleso izilinganiso ezimbili noma ezintathu. 7 UJesu wathi ezincekwini: “Gcwalisani izimbiza ngamanzi;” zazigcwalisa-ke. 8 Wayesethi kuzo: “Yikhani manje, niyise kumphathi wokudla;” zayisa-ke. 9 Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini, engazi ukuthi livelaphi, kepha izinceku ezaziwakhile amanzi bezazi, umphathi wokudla wabiza umyeni, wathi kuye: 10 “Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapha sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.” 11 Lokho ukuqala kwezibonakaliso wakwenza uJesu eKhana laseGalile ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa nguye. Abathengisi ethempelini 12 Ngasemva kwalokho wehlela eKapernawume, yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe, bahlala khona izinsuku ezingeziningi. 13 Lalisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. 14 Wafumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nangezimvu nangamajuba, nabahlezi beshintsha imali. 15 Wayesenza inkalivasi* ngezintambo, waxosha bonke ethempelini, nezimvu nezinkomo, wachitha imali yabashintshayo, wagumbuqela amatafula, 16 wathi kwabathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana.” 17 Abafundi bakhe bakhumbula ukuba kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyangidla.” 18 Ngakho-ke abaJuda baphendula, bathi kuye: “Usitshengisa isibonakaliso sini ukuba wenze lokhu na?” 19 UJesu waphendula, wathi kubo: “Bhidlizani leli thempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.” 20 Ngakho bathi abaJuda: “Leli thempeli kwaba yiminyaka engamashumi amane nesithupha lakhiwa, wena-ke uzakulivusa ngezinsuku ezintathu na?” 21 Kepha wayekhuluma ngethempeli lomzimba wakhe. 22 Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu. 23 Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo; 24 kepha uJesu yena kabethembanga ukuba abhobokelane nabo, ngokuba wayebazi bonke, 25 nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu; wayekwazi yena okuphakathi komuntu. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa