IzAga 9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkuhlakanipha nobuwula 1 Ukuhlakanipha kwakhile indlu yakho; kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa. 2 Kuhlabile umhlatshelo, kuvubele iwayini lakho; futhi kulungisile itafula lakho. 3 Kuthumile izintombi zakho, kuyamema emagqumeni aphakemeyo omuzi, kuthi: 4 “Ongenalwazi makaphambukele lapha,” kongenangqondo kuthi: 5 “Wozani nidle isinkwa sami, niliphuze iwayini engilivubeleyo. 6 Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda. 7 “Osola isideleli uzithathela inhlamba; othethisa omubi uzitholela isisihla. 8 Ungathethisi isideleli, funa sikuzonde; thethisa isihlakaniphi, siyakukuthanda. 9 Siphe isihlakaniphi, siyakwanda ngokuhlakanipha; fundisa olungileyo, uyakwenezela emfundweni. 10 “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova, nokumazi oNgcwele kungukuqonda. 11 Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe. 12 Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele; uma udelela, uyakukuthwala wena wedwa.” 13 Ubuwula bungowesifazane oyisithutha onomsindo, ongazi lutho. 14 Uhlezi ngasemnyango wendlu yakhe esihlalweni ezindaweni eziphakemeyo zomuzi 15 ukuba ameme abadlula endleleni, abaqonda emikhondweni yabo, ngokuthi: 16 “Ongenalwazi makaphambukele lapha,” kongenangqondo uthi: 17 “Amanzi ebiweyo amnandi, nesinkwa sentukuso singesenamisayo.” 18 Kepha akazi ukuthi kuyizithunzi ezilapho nokuthi izimenywa zakhe zisezigodini zendawo yabafileyo. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa