Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

IsAmbulo 10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ingelosi enencwadi evulekileyo

1 Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu, nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo, nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,

2 iphethe esandleni sayo incwadi encane evulekileyo. Yayisimisa unyawo lwayo lokunene phezu kolwandle nolokhohlo phezu komhlabathi,

3 yamemeza ngezwi elikhulu njengokubhonga kwengonyama, nalapho isimemezile, imidumo eyisikhombisa yezwakalisa amazwi ayo.

4 Nalapho imidumo eyisikhombisa isikhulumile, ngase ngizakuloba; kepha ngezwa izwi livela ezulwini, lithi: “Namathisela ngophawu okukhulunywe yimidumo eyisikhombisa, kodwa ungakulobi.”

5 Ingelosi engayibona imi phezu kolwandle naphezu komhlabathi yayisiphakamisela ezulwini isandla sayo sokunene,

6 yafunga yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu nokukulo, nomhlaba nokukuwo, nolwandle nokukulo, yathi: “Akusayikubakho isikhathi,

7 kepha ngezinsuku zezwi lengelosi yesikhombisa, lapho isizakubetha icilongo, imfihlakalo kaNkulunkulu isiyakube ifeziwe, njengalokho azazisa izinceku zakhe abaprofethi ngezindaba ezijabulisayo.”

8 Izwi engalizwa livela ezulwini lase liphinda likhuluma nami, lithi: “Hamba uye uthabathe incwadi evulekileyo esesandleni sengelosi emi phezu kolwandle naphezu komhlabathi.”

9 Ngaya kuyo ingelosi; ngase ngithi kuyo mayinginike incwadi encane. Yayisithi kimi: “Yithabathe, uyidle uyiqede; izakubaba esiswini sakho, kepha emlonyeni wakho iyakuba mnandi njengezinyosi.”

10 Ngase ngiyithatha incwadi encane esandleni sengelosi, ngayidla ngayiqeda; yayisiba mnandi njengezinyosi emlonyeni wami; nalapho sengiyidlile, yababa esiswini sami.

11 Zase zithi kimi: “Kumelwe ukuba uphinde uprofethe ngabantu abaningi, nezizwe, nezilimi, namakhosi.”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan