Hoseya 9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEIsiprofetho ngokuthunjwa 1 Ungajabuli, Israyeli, kube ngukuthokoza njengokwabezizwe, ngokuba umukile kuNkulunkulu wakho ngokufeba, wathanda inkokhelo kuzo zonke izibuya zamabele. 2 Isibuya nesikhamo sewayini akuyikubafunza, iwayini elisha liyakumkhohlisa. 3 Abayikuhlala ezweni likaJehova; u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo. 4 Abayikuthululela uJehova iwayini; imihlatshelo yabo ayiyikuba mihle kuye, isinkwa sabo sibe njengesinkwa sabalilayo; bonke abasidlayo bayakungcola, ngokuba isinkwa sabo siyakuba ngesephango, singangeni endlini kaJehova. 5 Niyakwenze njani ngosuku lomhlangano nangosuku lomkhosi kaJehova na? 6 Bhekani, ngokuba bemukile ekuchithweni iGibithe liyakubabutha, iNofi libembele; izinto zabo zamagugu zesiliva ziyakudliwa yizimbabazane, kube ngameva ematendeni abo. 7 Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa, izinsuku zempindiselo zisondele; u-Israyeli uyakukwazi. Umprofethi uyakuba njengesiwula, umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho nangobutha obukhulu; 8 umprofethi engumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami, ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe, nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe. 9 Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya; uyakhumbula ububi babo, uyabahambela ngezono zabo. 10 “Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneni ngesikhathi sawo sokuqala. Kepha bafika eBali Peyori, bazahlukanisela okunezinhloni, baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo. 11 Udumo luka-Efrayimi luyakundiza, lumuke njengenyoni, kungabikho ukuzala, nonesisu, nokukhulelwa. 12 Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu; yebo, maye kubo, lapho ngimuka kubo! 13 U-Efrayimi, njengalokho ngibone eTire, utshalwe endaweni emnandi, kepha u-Efrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe. 14 “Banike, Jehova uyakunikani? Banike isisu esiphuphumayo namabele omileyo. 15 “Bonke ububi babo buseGiligali; ngalokho ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo zingabahlubuki. 16 U-Efrayimi ushayiwe, impande yabo yomile, abayikuthela izithelo. Noma bezala, ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo.” 17 UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, babe ngabazulazulayo phakathi kwabezizwe. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa