Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

Hoseya 5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukukhohlisa kuka-Israyeli

1 “Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwahlulela kukinina, lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.

2 Abahlubuki bashone phansi ngokuhlaba kwabo, kepha ngingumlayi wabo bonke.

3 Ngiyamazi mina u-Efrayimi, u-Israyeli akafihlekile kimi, ngokuba manje, Efrayimi, ufebile, u-Israyeli uzingcolisile.

4 “Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu, ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo, noJehova abamazi.

5 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe; o-Israyeli no-Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo; naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.

6 Bayakuhamba nezimvu zabo nezinkomo zabo ukuyofuna uJehova; kepha abayikumfumana; umonyukile kubo.

7 Bamkhohlisile uJehova, ngokuba bazalile abantwana abangabafokazi; manje inyanga eyethwasayo iyakubadla kanye nezabelo zabo.

8 “Bethani umtshingo eGibeya necilongo eRama; hlabani umkhosi eBeti Aveni: basemva kwakho, Benjamini!

9 U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo.

10 Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele; ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi.

11 U-Efrayimi ucindezelekile, uchotshoziwe ekwahlulelweni, ngokuba wavuma ukulandela umyalo oyize.

12 Mina-ke senginjengenundu ku-Efrayimi, nanjengokubola kuyo indlu yakwaJuda.

13 “Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhe noJuda isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi; kepha ingeniphulukise, ayinakusipholisa isilonda senu.

14 Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku-Efrayimi, nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda; mina yebo, mina ngiyakudwengula, besengimuka; ngiyakususa, kungekho owophulayo.

15 Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami, baze bazithwese icala labo, bafune ubuso bami; osizini lwabo bayakungifunisisa.”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan