Hoseya 5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkukhohlisa kuka-Israyeli 1 “Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwahlulela kukinina, lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori. 2 Abahlubuki bashone phansi ngokuhlaba kwabo, kepha ngingumlayi wabo bonke. 3 Ngiyamazi mina u-Efrayimi, u-Israyeli akafihlekile kimi, ngokuba manje, Efrayimi, ufebile, u-Israyeli uzingcolisile. 4 “Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu, ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo, noJehova abamazi. 5 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe; o-Israyeli no-Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo; naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo. 6 Bayakuhamba nezimvu zabo nezinkomo zabo ukuyofuna uJehova; kepha abayikumfumana; umonyukile kubo. 7 Bamkhohlisile uJehova, ngokuba bazalile abantwana abangabafokazi; manje inyanga eyethwasayo iyakubadla kanye nezabelo zabo. 8 “Bethani umtshingo eGibeya necilongo eRama; hlabani umkhosi eBeti Aveni: basemva kwakho, Benjamini! 9 U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo. 10 Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele; ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi. 11 U-Efrayimi ucindezelekile, uchotshoziwe ekwahlulelweni, ngokuba wavuma ukulandela umyalo oyize. 12 Mina-ke senginjengenundu ku-Efrayimi, nanjengokubola kuyo indlu yakwaJuda. 13 “Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhe noJuda isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi; kepha ingeniphulukise, ayinakusipholisa isilonda senu. 14 Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku-Efrayimi, nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda; mina yebo, mina ngiyakudwengula, besengimuka; ngiyakususa, kungekho owophulayo. 15 Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami, baze bazithwese icala labo, bafune ubuso bami; osizini lwabo bayakungifunisisa.” |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa