Hoseya 13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUNkulunkulu ulusizo olulodwa luka-Israyeli 1 Lapho u-Efrayimi ekhuluma, kwavela ukuthuthumela; wayephakeme kwa-Israyeli, kepha wazitholela icala ngoBali, wafa. 2 Manje benezela ekoneni, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo nezithombe ngokuqonda kwabo, zonke ziyimisebenzi yezinyanga; bakhuluma ngabo, bathi: “Bahlaba abantu, kepha banga amathole.” 3 Ngalokho bayakuba njengamafu okusa, nanjengamazolo amuka ekuseni, nanjengamakhoba aphephethwa esibuyeni nomusi ophuma ngefasitele. 4 “Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe; ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu, nomsindisi akakho ngaphandle kwami. 5 Mina ngakwazi ehlane ezweni lokoma. 6 Basutha njengamadlelo abo; basutha, nenhliziyo yabo yaphakama; ngalokho bangikhohliwe. 7 Ngase ngiba njengengonyama kubo, ngiqamekela endleleni njengengwe. 8 Ngitheleka phezu kwabo njengebhere* elaphuciwe amawundlu alo, ngidwengula ubhedu lwenhliziyo, ngibadle njengengonyamakazi, isilwane sasendle sibaqaqe. 9 “Ngukuchithwa kwakho, Israyeli, ngokuba uphambene nami, usizo lwakho. 10 Iphi inkosi yakho manje ukuba ikusindise emizini yakho yonke; nabahluleli bakho, wena owathi: ‘Ngiphe inkosi nezikhulu’? 11 Ngikunike inkosi ngentukuthelo yami, ngayisusa ngolaka lwami. 12 Ububi buka-Efrayimi buboshiwe, isono sakhe sibekelelwe. 13 Imihelo yobelethayo iyakumehlela; uyindodana engahlakaniphile, ngokuba kuyisikhathi sokuba angemi lapho kuqhamuka abantwana. 14 “Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlawulele ekufeni; ziphi izifo zakho, kufa, kuphi ukuchitha kwakho, ndawo yabafileyo, na? Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami. 15 “Noma enezithelo phakathi kwabafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova ovela ehlane; besewujabha umthombo, isiphethu sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, zonke izinto ezinxanelekayo. 16 ISamariya liyakuthwala icala lalo, ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo; bayakuwa ngenkemba, izingane zabo zichotshozwe, abakhulelweyo babo baqaqwe.” |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa