AmaHubo 99 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUNkulunkulu ungoNgcwele 1 UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu; uhlezi phezu kwamakherubi;* mawuzamazame umhlaba. 2 UJehova mkhulu eSiyoni, uphakeme phezu kwezizwe zonke. 3 Mababonge igama lakho elikhulu nelesabekayo; ungcwele yena. 4 Amandla eNkosi athanda okulungileyo, umisile ubuqotho; ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe. 5 Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasesanabelweni sezinyawo zakhe; ungcwele yena. 6 OMose no-Aroni babe phakathi kwabapristi bakhe; uSamuweli wayephakathi kwabakhulekayo egameni lakhe. Bakhuleka kuJehova, yena waphendula. 7 Wakhuluma kubo esensikeni yefu; bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona. 8 Jehova Nkulunkulu wethu, wena ubaphendulile, waba kubo uNkulunkulu othethelelayo nophindiselayo ngezenzo zabo. 9 Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasentabeni yakhe engcwele, ngokuba ungcwele uJehova uNkulunkulu wethu. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa