Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 97 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukubonakala kobukhosi bukaJehova

1 UJehova uyinkosi; umhlaba mawethabe, zijabule iziqhingi eziningi.

2 Amafu nobumnyama kuyamphahla; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.

3 Umlilo uyahamba phambi kwakhe, udla izitha zakhe nxazonke.

4 Imibani yakhe ikhanyisa izwe; umhlaba uyakubona, uthuthumele.

5 Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova, phambi kweNkosi yomhlaba wonke.

6 Amazulu ashumayela ukulunga kwakhe; izizwe zonke zibona inkazimulo yakhe.

7 Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo, abazigabisa ngezithombe. Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu.

8 ISiyoni liyezwa, liyajabula; amadodakazi akwaJuda ayethaba ngenxa yezahlulelo zakho, Jehova.

9 Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke, uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke.

10 Nina enithanda uJehova zondani okubi; uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo; uyabasindisa ezandleni zababi.

11 Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.

12 Jabulani kuJehova nina balungileyo, nibonge igama lakhe elingcwele.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan