AmaHubo 88 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkukhala kosengozini yokufa Igama. Ihubo lamadodana kaKora. Kumholi wokuhlabelela. NgeMahalati Leyanoti.* IMaskili* likaHemani umEzra. 1 Jehova Nkulunkulu wensindiso yami, ngikhala imini nobusuku phambi kwakho. 2 Umkhuleko wami mawufike ebusweni bakho, indlebe yakho uyibeke ekunxuseni kwami. 3 Ngokuba umphefumulo wami ugcwele izinsizi, ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo. 4 Ngibalwa kanye nabashona emgodini, nginjengomuntu ofileyo. 5 Icansi lami liphakathi kwabafileyo; nginjengababuleweyo abalele ethuneni, ongasabakhumbuli, benqunyiwe esandleni sakho. 6 Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke, ebumnyameni, otweni. 7 Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho; amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela* 8 Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume. 9 Iso lami liyafa ngosizi; ngikhala kuwe Jehova imihla yonke, ngizelulela izandla zami kuwe. 10 Abafileyo uyakubenzela isimangaliso na? Ziyakuvuka yini izithunzi, zikubonge, na? Sela* 11 Kuyalandiswa yini ethuneni ngomusa wakho, nangokuthembeka kwakho endaweni yokubhujiswa na? 12 Izimangaliso zakho ziyaziwa yini ebumnyameni, nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na? 13 Kepha mina, Jehova, ngikhala kuwe; ekuseni umkhuleko wami uyenyuka phambi kwakho. 14 Jehova, ulahlelani umphefumulo wami, ungifihlelelani ubuso bakho na? 15 Ngihluphekile, ngingofayo kusukela ebusheni bami; ngithwele ukwesabeka kwakho, ngiphelile. 16 Ulaka lwakho olushisayo lungehlele; ukwesabisa kwakho kungiqedile. 17 Kungizungeza njengamanzi imihla yonke, kungikaka kanyekanye. 18 Isihlobo nomngane ubaxoshele kude; ubumnyama bungumhlobo wami. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa