Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 88 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukukhala kosengozini yokufa
Igama. Ihubo lamadodana kaKora. Kumholi wokuhlabelela. NgeMahalati Leyanoti.* IMaskili* likaHemani umEzra.

1 Jehova Nkulunkulu wensindiso yami, ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.

2 Umkhuleko wami mawufike ebusweni bakho, indlebe yakho uyibeke ekunxuseni kwami.

3 Ngokuba umphefumulo wami ugcwele izinsizi, ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.

4 Ngibalwa kanye nabashona emgodini, nginjengomuntu ofileyo.

5 Icansi lami liphakathi kwabafileyo; nginjengababuleweyo abalele ethuneni, ongasabakhumbuli, benqunyiwe esandleni sakho.

6 Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke, ebumnyameni, otweni.

7 Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho; amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela*

8 Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume.

9 Iso lami liyafa ngosizi; ngikhala kuwe Jehova imihla yonke, ngizelulela izandla zami kuwe.

10 Abafileyo uyakubenzela isimangaliso na? Ziyakuvuka yini izithunzi, zikubonge, na? Sela*

11 Kuyalandiswa yini ethuneni ngomusa wakho, nangokuthembeka kwakho endaweni yokubhujiswa na?

12 Izimangaliso zakho ziyaziwa yini ebumnyameni, nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?

13 Kepha mina, Jehova, ngikhala kuwe; ekuseni umkhuleko wami uyenyuka phambi kwakho.

14 Jehova, ulahlelani umphefumulo wami, ungifihlelelani ubuso bakho na?

15 Ngihluphekile, ngingofayo kusukela ebusheni bami; ngithwele ukwesabeka kwakho, ngiphelile.

16 Ulaka lwakho olushisayo lungehlele; ukwesabisa kwakho kungiqedile.

17 Kungizungeza njengamanzi imihla yonke, kungikaka kanyekanye.

18 Isihlobo nomngane ubaxoshele kude; ubumnyama bungumhlobo wami.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan