Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 87 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


IJerusalema, ikhaya lezizwe
Elamadodana kaKora. Ihubo. Igama.

1 Isisekelo asibekileyo sisezintabeni ezingcwele.

2 UJehova uyawathanda amasango aseSiyoni kunazo zonke izindlu zikaJakobe.

3 Okudumisekayo kukhulunywa ngawe, muzi kaNkulunkulu. Sela*

4 Ngiyakubala uRahabi neBabele kulabo abangaziyo; yebo, iFilistiya neThire kanye neKushe azalelwa khona.

5 Kuyakuthiwa ngeSiyoni: “Yilo nalo wazalelwa khona; oPhezukonke uyaliqinisa.”

6 Mhla uJehova eloba izizwe uyakubala ukuthi lo wazalelwa khona. Sela*

7 Abahubayo nabasinayo bathi: “Imithombo yami yonke ikuwe.”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan