AmaHubo 85 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEIsizwe sikaNkulunkulu sicelelwa isibusiso esisha Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora; Ihubo. 1 Jehova, wabusisa izwe lakho, wambuyisa uJakobe ekuthunjweni. 2 Wasusa icala labantu bakho, wasibekela zonke izono zabo. Sela* 3 Wamukisa yonke intukuthelo yakho, waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho. 4 Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, ulahle ukusicanukela kwakho. 5 Uyakusithukuthelela njalonjalo na? Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na? 6 Awuzukusivusa, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe, na? 7 Sitshengise umusa wakho, Jehova, usiphe insindiso yakho. 8 Mangizwe lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma; uyakhuluma ukuthula kubantu bakhe nakubo abamesabayo; mabangabuyeli ebuwuleni. 9 Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo, ukuze kuhlale udumo ezweni lethu. 10 Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula. 11 Kuyakuhluma iqiniso emhlabeni, kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini. 12 Yebo, uJehova uyakuveza okuhle; izwe lethu liyakuthela izithelo zalo. 13 Ukulunga kuyakuhamba phambi kwakhe, kwenzele izinyawo zakhe indlela. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa