Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 83 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Umkhuleko wokuba zichithwe izitha zika-Israyeli
Igama. Ihubo lika-Asafa.

1 Nkulunkulu, ungathuli, ungalibali, ungali ukukhuluma, Nkulunkulu.

2 Ngokuba bheka, izitha zakho ziyaxokozela, nabakuzondayo baphakamisa ikhanda.

3 Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, bacebisana ukulwa nabathukusiweyo bakho.

4 Bathi: “Wozani sibaqothule, bangabe besaba yisizwe, negama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.”

5 Baceba nganhliziyonye, benza isivumelwano ngawe:

6 amatende ka-Edomi naka-Ishmayeli, nakaMowabi nakaHagari,

7 noGebali, no-Amoni, no-Amaleki, neFilistiya nabakhile eTire.

8 Ne-Asiriya lahlangana nabo, laba yingalo yabantwana bakaLoti. Sela*

9 Yenza kubo njengakuMidiyani, nakuSisera, nakuJabini ngasemfuleni iKishoni,

10 ababhubhela e-Eni Dori, baba ngumquba womhlabathi.

11 Amakhosana abo wenze abe njengo-Orebi noZebi, nabakhulu babo bonke njengoZeba noSalimuna

12 ababethi: “Masizithabathele amadlelo kaNkulunkulu.”

13 Nkulunkulu wami, benze babe njengezibi ezikhwishizayo, njengamakhoba amuka nomoya.

14 Njengomlilo oshisa ihlathi, njengelangabi elithungela izintaba,

15 baxoshe kanjalo ngesivunguvungu sakho, ubethuse ngesiphepho sakho.

16 Thela ubuso babo ngehlazo, baze bafune igama lakho, Jehova.

17 Mabahlazeke, baphele amandla kuze kube phakade; mabahluleke, babhubhe,

18 bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan