Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 77 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


UNkulunkulu waphakade uyisiphephelo sabantu bakhe
Kumholi wokuhlabelela. KuJeduthuni.* Elika-Asafa. Ihubo.

1 Izwi lami ngiyakuliphakamisela kuNkulunkulu, ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe.

2 Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi; ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali; umphefumulo wami wala ukududuzwa.

3 Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula; ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela*

4 Uzibambile izinkophe zamehlo ami, angavaleki; ngikhathazekile, angisakwazi ukukhuluma.

5 Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo, ngeminyaka yaphakade.

6 Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu, ngizindla enhliziyweni yami; nomoya wami uyahlolisisa.

7 INkosi iyakulahla kuze kube phakade na? Ayisenakuphinda ibe nomusa na?

8 Umusa wayo unqamukile njalo yini na? Isithembiso siphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na?

9 UNkulunkulu ukhohliwe ukuba abe nomusa na? Uvalele ububele bakhe ngolaka na? Sela*

10 Ngase ngithi: “Yilokhu ukuhlupheka kwami, ngokuba isandla sokunene soPhezukonke siphendukile.”

11 Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova, yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo,

12 ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho.

13 Indlela yakho, Nkulunkulu, isebungcweleni; ngubani ongunkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu na?

14 Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso; amandla akho uwazisile ezizweni.

15 Ngengalo yamandla wasindisa abantu bakho, amadodana kaJakobe noJosefa. Sela*

16 Amanzi akubona, Nkulunkulu, amanzi akubona, athuthumela, nezintwa zazamazama.

17 Amafu athela amanzi, izulu laduma, imicibisholo yakho yaphuma.

18 Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini; imibani yakhanyisa izwe; umhlaba wadikizela, wazamazama.

19 Indlela yakho yayiselwandle, nomendo wakho wawusemanzini amaningi, kodwa izinyathelo zakho zazingaziwa.

20 Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan