AmaHubo 72 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkukhulekela ogcotshiweyo kaNkulunkulu ElikaSolomoni. 1 Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakho nendodana yenkosi ukulunga kwakho. 2 Iyakwahlulela isizwe sakho ngeqiniso nezihlupheki zakho ngemfanelo. 3 Izintaba ziyakuletha ukuthula kubantu; kanjalo namagquma, ngokulunga. 4 Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu, isindise abantwana babampofu, imphohloze onokhahlo. 5 Bayakwesaba wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane. 6 Iyakwehla njengemvula edlelweni, njengesihlambi esimatisa umhlaba. 7 Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga. 8 Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba. 9 Abakhe ehlane bayakukhothama phambi kwayo; izitha zayo zizakukhotha uthuli. 10 Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho; amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho. 11 Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo; zonke izizwe ziyakuyikhonza. 12 Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. 13 Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu. 14 Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo. 15 Iyakuphila, bayinike igolide laseSheba, bayithandazele njalo, bayibusise lonke usuku. 16 Kuyakuba khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni; abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba. 17 Igama layo liyakuma kuze kube phakade; igama layo liyakuxhanta, lisekhona ilanga; bayakuzibusisa ngayo; bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe. 18 Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, onguye yedwa owenza izimangaliso. 19 Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen. 20 Imikhuleko kaDavide indodana kaJese isaphelile. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa