AmaHubo 7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkunxusa uJehova ukuba avikele abazingelwayo IShigayoni* likaDavide alihubela uJehova ngenxa yamazwi kaKushe wakwaBenjamini. 1 Jehova, Nkulunkulu wami, ngiyaphephela kuwe; 2 ngisindise kubo bonke abangizingelayo, ungikhulule, bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyama eklebhula, kungekho okhululayo. 3 Jehova Nkulunkulu wami, uma ngikwenzile lokho, uma kukhona okubi ezandleni zami, 4 uma ngiphindise okubi kohlalisene nami ngokuthula, ngaphanga isitha sami kungekho sici, 5 isitha masiwuzingele umphefumulo wami, siwufice, sikunyathele phansi ukuphila kwami, nesithunzi sami sisilahle phansi othulini. Sela* 6 Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela. 7 Umhlangano wezizwe mawukuphahle, ubuyele phezulu ngaphezu kwawo. 8 UJehova uyahlulela izizwe; ngahlulele, Jehova, ngokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi. 9 Makuphele ukonakala kwababi, kepha olungileyo mawumqinise. Nguwe phela ohlola izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo. 10 Isihlangu sami sikuNkulunkulu osindisa abaqotho ngenhliziyo. 11 UNkulunkulu ungumahluleli olungileyo; unguNkulunkulu othukuthela imihla yonke. 12 Uma umuntu engaphenduki, uyakulola inkemba yakhe, ansale umnsalo wakhe, awulungisele, 13 izikhali zokubulala azibhekisele kuye; imicibisholo uyenza ishise. 14 Unemihelo ngobubi; ukhulelwe ngukona, uzala amanga. 15 Umgodi uwumba, uwugubha, kepha ukhalakathela egebeni alenzileyo. 16 Ukwelelesa kwakhe kubuyela ekhanda lakhe; ubudlwangudlwangu bakhe behlela okhakhayini lwakhe. 17 Ngizakumbonga uJehova ngokokulunga kwakhe, ngihubele igama likaJehova oPhezukonke. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa