AmaHubo 67 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkubonga izibusiso zikaNkulunkulu Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo. Igama. 1 UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise; makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela* 2 ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho kubo bonke abezizwe. 3 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke. 4 Izizwe mazijabule, zethabe; ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga, uzihola izizwe emhlabeni. Sela* 5 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke. 6 Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa. 7 UNkulunkulu uyasibusisa; imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa