Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 66 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukubonga nokudumisa uNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. Igama. Ihubo.

1 Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke.

2 Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe, nibabaze ukudunyiswa kwakhe.

3 Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.

4 Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise; bayakuhubela igama lakho.” Sela*

5 Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.

6 Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo; bawela umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye.

7 Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade; amehlo akhe ayahlozinga izizwe; abanenkani mabangaziphakamisi. Sela*

8 Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe, nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe

9 ogcina umphefumulo wethu ekuphileni, engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.

10 Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile, wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.

11 Wasingenisa enetheni; wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu.

12 Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu; sangena emlilweni nasemanzini; kepha wasikhiphela ekubuseni.

13 Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa; ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami

14 ezaphinyiselwa yizindebe zami, zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni.

15 Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo kanye nephunga lezinqama; ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela*

16 Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu; ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.

17 Ngakhala kuye ngomlomo wami; ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.

18 Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayikungizwa iNkosi.

19 Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami.

20 Makabongwe uNkulunkulu ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan