AmaHubo 66 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkubonga nokudumisa uNkulunkulu Kumholi wokuhlabelela. Igama. Ihubo. 1 Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke. 2 Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe, nibabaze ukudunyiswa kwakhe. 3 Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho. 4 Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise; bayakuhubela igama lakho.” Sela* 5 Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu. 6 Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo; bawela umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye. 7 Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade; amehlo akhe ayahlozinga izizwe; abanenkani mabangaziphakamisi. Sela* 8 Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe, nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe 9 ogcina umphefumulo wethu ekuphileni, engaluvumeli unyawo lwethu lushelele. 10 Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile, wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva. 11 Wasingenisa enetheni; wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu. 12 Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu; sangena emlilweni nasemanzini; kepha wasikhiphela ekubuseni. 13 Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa; ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami 14 ezaphinyiselwa yizindebe zami, zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni. 15 Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo kanye nephunga lezinqama; ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela* 16 Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu; ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami. 17 Ngakhala kuye ngomlomo wami; ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami. 18 Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayikungizwa iNkosi. 19 Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami. 20 Makabongwe uNkulunkulu ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa