AmaHubo 65 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkubonga izipho zikaNkulunkulu Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Igama. 1 Udumiso luhlalela wena Nkulunkulu eSiyoni, nesithembiso siyakugcwaliswa kuwe. 2 Wena ozwayo imikhuleko, beza kuwe bonke abantu. 3 Izenzo ezimbi zangahlula; iziphambeko zethu uyaziyekela. 4 Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo ukuba ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, ithempeli lakho elingcwele. 5 Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu, wena oyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude; 6 yena omisa izintaba ngamandla akhe, obhince amandla; 7 othulisa ukuduma kwezilwandle, inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu. 8 Abakhile emikhawulweni yomhlaba bayesaba ngezibonakaliso zakho; uyethabisa impumalanga nentshonalanga. 9 Uhambela umhlaba, unisa imvula, uwuvundisa kakhulu; umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi; ubalungisela abantu ukudla, ngokuba uwulungisa kanjalo umhlaba. 10 Umatisa imisele yawo, ulalisa amasoyi awo; uwuthambisa ngezihlambi, ubusise okumila kuwo. 11 Umnyaka uyawuhlobisa ngobumnene bakho, nemikhondo yakho iconsa amafutha. 12 Amadlelo asehlane ayaconsa; amagquma abhinca injabulo. 13 Amadlelo embethe izimvu, nezigodi zisibekelwe ngamabele; konke kuyajabula, kuhlabelele. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa