AmaHubo 64 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUmkhuleko wocela ukuvikelwa ezitheni Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. 1 Yizwa, Nkulunkulu, izwi lami ekukhaleni kwami, ulondoloze ukuphila kwami evusweni lesitha. 2 Ngisithe esigungwini sababi nasesixukwini sabenza okubi, 3 abalola ulimi lwabo njengenkemba, bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo 4 ukuba bamdubule ongenacala ngasesitha, bamdubule ngokuzuma bengesabi. 5 Baqinela icebo elibi; bakhuluma ngokufihla izingibe; bathi: “Ngubani oyakusibona na?” 6 Basongoza izenzo ezimbi, bathi: “Siliqedile icebo elisongoziweyo,” izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile. 7 Kepha uNkulunkulu uyakubadubula ngomcibisholo; bagwazwe ngokuzunywa. 8 Bayakuwiswa, baficwe lulimi lwabo; bonke abababonayo bayonikina ikhanda. 9 Bonke abantu bayashaywa luvalo; bayakushumayela izenzo zikaNkulunkulu, baqonde akwenzileyo. 10 Olungileyo uyakujabula kuJehova, aphephele kuye; bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa