Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 63 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukulangazelela uNkulunkulu
Ihubo likaDavide esehlane lakwaJuda.

1 Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena; inyama yami ilangazelela wena ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona.

2 Kanjalo ngikubheka endlini engcwele, ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.

3 Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila; izindebe zami ziyakukudumisa.

4 Ngiyakukubonga ngisaphila; ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.

5 Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo.

6 Nxa ngikukhumbula ecansini lami, ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.

7 Ngokuba ungisizile; ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.

8 Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa.

9 Kepha abafuna umphefumulo wami ukuwubulala bayakwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.

10 Bayakunikelwa esandleni senkemba, babe yisabelo sezimpungushe.

11 Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu; bonke abafunga yena bayakuzibonga; ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan