AmaHubo 62 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUNkulunkulu uyisiphephelo sethu Kumholi wokuhlabelela. KuJeduthuni.* Ihubo likaDavide. 1 Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela; insindiso yami ivela kuye. 2 Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa kakhulu. 3 Koze kube nini nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke njengodonga olwengemeyo nothango oludilikayo na? 4 Yebo, bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe, bathanda amanga; bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa. Sela* 5 Mphefumulo wami, zithulisele kuNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye. 6 Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa. 7 Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu; idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu. 8 Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela* 9 Abantwana babantu bangumoya nje, abantwana bezikhulu bangamanga; esilinganisweni bayakhuphuka, balula kunomoya bonke. 10 Maningakwethembi ukuqhwaga, ningazigabisi ngokuphangiweyo; uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo. 11 UNkulunkulu ukhulumile kanye, ngikuzwe kabili ukuthi amandla angakaNkulunkulu. 12 Nomusa ungowakho, Nkosi; ngokuba wena umphindisela umuntu njengokwenza kwakhe. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa