AmaHubo 61 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkucelela inkosi isibusiso Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. ElikaDavide. 1 Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami, ulalele umkhuleko wami. 2 Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba, lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami. 3 Ngokuba ubuyisiphephelo sami, inqaba eqinileyo ngakuso isitha. 4 Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade; ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho. Sela* 5 Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami, wabanika ifa abalesaba igama lakho. 6 Uyakweleka izinsuku ezinsukwini zenkosi; iminyaka yayo iyakuba njengezizukulwane nezizukulwane. 7 Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade; yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze. 8 Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade, ukuze ngigcwalise izithembiso zami imihla ngemihla. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa