AmaHubo 59 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUmkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu,* mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale. 1 Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami, ngivikele kwabangivukelayo; 2 ngikhulule kwabenza okubi, ngisindise kubantu begazi. 3 Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami; iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko, kungekho sono kimi, Jehova. 4 Ziyagijima, zizilungisele, kungekho cala kimi; vuka, ungihlangabeze, ubone. 5 Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela* 6 Bayabuya kusihlwa, bahlaba umkhulungwane njengenja, bezula emzini. 7 Bheka, bayampompa ngomlomo wabo, kukhona izinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?” 8 Kepha wena Jehova uyabahleka; uyabaklolodela bonke abezizwe. 9 Mandla ami, ngiyakulindela wena, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami. 10 UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba. 11 Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu. 12 Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo; mazibanjwe ekuzidleni kwazo nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo. 13 Ziqede ngokuthukuthela, ziqede zingabe zisabakho; mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela* 14 Ziyabuya kusihlwa; zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini. 15 Zizulazulela ukudla; uma zingasuthi, zihlala nasebusuku. 16 Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngethabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami, nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami. 17 Mandla ami, ngizakuhubela wena; ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami, unguNkulunkulu wami womusa. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa