Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 59 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Umkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu,* mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale.

1 Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami, ngivikele kwabangivukelayo;

2 ngikhulule kwabenza okubi, ngisindise kubantu begazi.

3 Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami; iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko, kungekho sono kimi, Jehova.

4 Ziyagijima, zizilungisele, kungekho cala kimi; vuka, ungihlangabeze, ubone.

5 Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela*

6 Bayabuya kusihlwa, bahlaba umkhulungwane njengenja, bezula emzini.

7 Bheka, bayampompa ngomlomo wabo, kukhona izinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?”

8 Kepha wena Jehova uyabahleka; uyabaklolodela bonke abezizwe.

9 Mandla ami, ngiyakulindela wena, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.

10 UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.

11 Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu.

12 Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo; mazibanjwe ekuzidleni kwazo nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.

13 Ziqede ngokuthukuthela, ziqede zingabe zisabakho; mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela*

14 Ziyabuya kusihlwa; zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini.

15 Zizulazulela ukudla; uma zingasuthi, zihlala nasebusuku.

16 Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngethabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami, nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.

17 Mandla ami, ngizakuhubela wena; ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami, unguNkulunkulu wami womusa.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan