AmaHubo 56 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUmkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni ezizungezayo Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ijuba elithulayo emajukujukwini. ElikaDavide. IMiktamu,* ekubanjweni kwakhe ngamaFilisti eGati. 1 Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngokuba abantu bafuna ukungigwinya; usuku lonke bayangicindezela belwa. 2 Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke; ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla. 3 Mhla ngesabayo ngiyakwethemba wena. 4 KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe; ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba; inyama ingangenzani na? 5 Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke; yonke imicabango yabo iqonde ukungona. 6 Bayabuthana, baqamekele, baqaphele izinyathelo zami, njengokuba beqamekela umphefumulo wami. 7 Bayakuphunyuka yini ebubini babo na? Diliza izizwe ngentukuthelo, Nkulunkulu. 8 Ukuzula kwami ukubalile wena; yetha izinyembezi zami egabheni lakho; azikho encwadini yakho na? 9 Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo; ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami. 10 KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi; kuJehova ngiyakulidumisa izwi. 11 Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na? 12 Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami; ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga. 13 Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni nezinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkulu ekukhanyeni kwabaphilayo. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa