Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 56 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Umkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni ezizungezayo
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ijuba elithulayo emajukujukwini. ElikaDavide. IMiktamu,* ekubanjweni kwakhe ngamaFilisti eGati.

1 Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngokuba abantu bafuna ukungigwinya; usuku lonke bayangicindezela belwa.

2 Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke; ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.

3 Mhla ngesabayo ngiyakwethemba wena.

4 KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe; ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba; inyama ingangenzani na?

5 Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke; yonke imicabango yabo iqonde ukungona.

6 Bayabuthana, baqamekele, baqaphele izinyathelo zami, njengokuba beqamekela umphefumulo wami.

7 Bayakuphunyuka yini ebubini babo na? Diliza izizwe ngentukuthelo, Nkulunkulu.

8 Ukuzula kwami ukubalile wena; yetha izinyembezi zami egabheni lakho; azikho encwadini yakho na?

9 Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo; ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.

10 KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi; kuJehova ngiyakulidumisa izwi.

11 Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?

12 Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami; ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.

13 Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni nezinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkulu ekukhanyeni kwabaphilayo.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan