AmaHubo 53 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkukhala ngobuwula nobubi babantu Kumholi wokuhlabelela. NgeMahalati.* IMaskili* likaDavide. 1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akakho uNkulunkulu,” iziphambeko zabo zimbi, ziyanengeka; akakho owenza okuhle. 2 UNkulunkulu esezulwini uyababheka abantwana babantu ukubona uma kukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu. 3 Baphambukile bonke, bonakele bonke; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa. 4 Abanakwazi yini abenza okubi, abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuNkulunkulu. 5 Besaba nokwesaba, lapho kungekho okwesabisayo; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile. 6 Sengathi kungavela ukusindiswa kuka-Israyeli eSiyoni. Kuyakuthi lapho uNkulunkulu eguqula ukuthunjwa kwabantu bakhe, uJakobe ethabe, u-Israyeli ajabule. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa