AmaHubo 52 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkukhala ngobubi bomkhapheli ozigabisayo Kumholi wokuhlabelela. IMaskili* likaDavide ekufikeni kukaDowegi wakwa-Edomi emazisa uSawule, ethi kuye: “UDavide ufikile endlini ka-Ahimeleki.” 1 Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo. 2 Ulimi lwakho lusongoza okubi njengempuco eloliweyo, wena owenza amacebo. 3 Uthanda okubi kunokuhle, namanga kunokukhuluma ukulunga. Sela* 4 Uthanda onke amazwi okubhubhisa wena lulimi lwenkohliso. 5 Ngakho-ke uNkulunkulu uyakukubhidliza kuze kube phakade; uyakukubamba, akukhiphe etendeni lakho, akusiphule ezweni labaphilayo. Sela* 6 Abalungileyo bayakukubona, besabe; bayakumhleka, bathi: 7 “Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.” 8 Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo kuze kube phakade naphakade. 9 Ngizakukudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile; ngizakulindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabangcwele bakho. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa