Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 51 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Umkhuleko wowonileyo ebika isono, ecela umusa kuNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide ekufikeni komprofethi uNathani kuye emva kokuya kwakhe kuBati Sheba.

1 Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.

2 Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.

3 Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami; isono sami siphambi kwami njalo.

4 Ngonile kuwe wena wedwa, ngakwenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, uchache ekwahluleleni kwakho.

5 Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni.

6 Bheka, uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni; wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.

7 Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.

8 Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.

9 Fihla ubuso bakho ezonweni zami, wesule zonke izenzo zami ezimbi.

10 Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.

11 Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oNgcwele.

12 Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphase ngomoya ovumayo.

13 Khona ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho; nezoni ziyakuphendukela kuwe.

14 Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami. Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho.

15 Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.

16 Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo; noma bengizakukunika uminikelo wokushiswa, ubungayikuthokoza ngawo.

17 Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.

18 Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange zaseJerusalema.

19 Khona uyakuyijabulela iminikelo yokulunga eshiswayo neshiswa yonke; khona bayakunikela ngezinkunzi phezu kwe-altare lakho.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan