Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 39 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukukhala kohluphekile kanzima
Kumholi wokuhlabelela; kuJeduthuni.* Ihubo likaDavide.

1 Ngithe: “Ngizakulinda izindlela zami ukuba ngingoni ngolimi lwami; ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo, omubi esekhona phambi kwamehlo ami.”

2 Ngabindela impela, ngathula nakukho okuhle; kwavuswa ubuhlungu bami.

3 Inhliziyo yami yavutha phakathi kwami; kwaphembeka umlilo ngisazindla; ngakhuluma ngolimi lwami.

4 “Jehova, ngazise ukuphela kwami, nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini; mangazi ukuthi ngingodlulayo.

5 Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela*

6 “Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.

7 “Kalokhu-ke, Nkosi, ngilindele ntoni na? Ithemba lami likuwe.

8 Ngisindise kuzo iziphambeko zami, ungangenzi isithuko sesiwula.

9 Ngiyathula, angivuli umlomo wami; ngokuba nguwe okwenzileyo.

10 Susa kimi ukushaya kwakho, ngokuba ngiyaqedwa ngukushaywa yisandla sakho.

11 Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko, ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu; yilowo nalowo muntu ungumoya nje. Sela*

12 “Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ulalele ukumemeza kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe; ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.

13 Yeka ukungibuka, ngize ngincibilike, ngingakamuki lapha, ngingabe ngisabakho.”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan