AmaHubo 38 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUmkhuleko wophendukileyo ecela ukukhululwa Ihubo likaDavide. Elokukhumbuza. 1 Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. 2 Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile; isandla sakho singicindezele kanzima. 3 Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho; akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami. 4 Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda. 5 Izilonda zami ziyanuka, zichicha ubovu ngenxa yobuwula bami. 6 Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu; usuku lonke ngihamba ngilila. 7 Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu; akukho ukuphila enyameni yami. 8 Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami. 9 Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho; ukububula kwami akufihlekile kuwe. 10 Inhliziyo yami iyagquma kakhulu; amandla ami angishiyile, ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi. 11 Abathandekayo bami nabahlobo bami bemi kude nokuhlupheka kwami; abakwethu bemi kude laphaya. 12 Abafuna umphefumulo wami bayangicupha; abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi, bazindla inkohliso usuku lonke. 13 Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa; nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso. 14 Yebo, nginjengomuntu ongezwayo; akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe. 15 Ngokuba ngithemba wena Jehova; wena Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula. 16 Ngokuba ngithe: “Funa bajabule ngami, ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.” 17 Ngokuba ngiseduze kokuwa, nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke. 18 Ngokuba ngiyabika ukona kwami; ngiyadabuka ngesono sami. 19 Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla; baningi abangizonda ngeze. 20 Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami, ngokuba ngilandela okulungileyo. 21 Ungangishiyi, Jehova; Nkulunkulu wami, ungabi kude nami. 22 Phuthuma, ungisize, Nkosi, nsindiso yami. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa