Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 38 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Umkhuleko wophendukileyo ecela ukukhululwa
Ihubo likaDavide. Elokukhumbuza.

1 Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.

2 Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile; isandla sakho singicindezele kanzima.

3 Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho; akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.

4 Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda.

5 Izilonda zami ziyanuka, zichicha ubovu ngenxa yobuwula bami.

6 Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu; usuku lonke ngihamba ngilila.

7 Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu; akukho ukuphila enyameni yami.

8 Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.

9 Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho; ukububula kwami akufihlekile kuwe.

10 Inhliziyo yami iyagquma kakhulu; amandla ami angishiyile, ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.

11 Abathandekayo bami nabahlobo bami bemi kude nokuhlupheka kwami; abakwethu bemi kude laphaya.

12 Abafuna umphefumulo wami bayangicupha; abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi, bazindla inkohliso usuku lonke.

13 Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa; nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso.

14 Yebo, nginjengomuntu ongezwayo; akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe.

15 Ngokuba ngithemba wena Jehova; wena Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula.

16 Ngokuba ngithe: “Funa bajabule ngami, ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.”

17 Ngokuba ngiseduze kokuwa, nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.

18 Ngokuba ngiyabika ukona kwami; ngiyadabuka ngesono sami.

19 Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla; baningi abangizonda ngeze.

20 Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami, ngokuba ngilandela okulungileyo.

21 Ungangishiyi, Jehova; Nkulunkulu wami, ungabi kude nami.

22 Phuthuma, ungisize, Nkosi, nsindiso yami.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan