AmaHubo 34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkubonga umusa kaNkulunkulu ElikaDavide mhla ezishaya uhlanya phambi kuka-Abimeleki owamxosha waze wamuka. 1 Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo. 2 Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova; abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule. 3 Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye. 4 Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. 5 Babheka kuye phezulu, bakhanya; ubuso babo abusoze bajabha. 6 Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso. 7 Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule. 8 Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye. 9 Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe, ngokuba abasweli lutho abamesabayo. 10 Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe, kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. 11 Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova. 12 Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na? 13 Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. 14 Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge. 15 Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo. 16 Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. 17 Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo. 18 UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo. 19 Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke. 20 Uyawagcina onke amathambo akhe; alaphulwa nelilodwa kuwo. 21 Okubi kuyakumbulala omubi; abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala. 22 UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akakho kwabamethembayo oyakuba necala. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa