AmaHubo 32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkuvuma izono nokuthethelelwa kwazo ElikaDavide. IMaskili.* 1 Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisibekelwe. 2 Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko, kungekho nkohliso emoyeni wakhe. 3 Kwathi ngithule, amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke. 4 Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami, uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo. Sela* 5 Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami; ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,” wena wathethelela icala lesono sami. Sela* 6 Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwe ngesikhathi sokukufumana; impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula, angafinyeleli kuye. 7 Wena uyindawo yami yokucasha; uyangilondoloza ngingahlupheki; ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela* 8 Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami. 9 Ningabi njengehhashi nembongolo engenangqondo; umkhala netomu yimvunulo yayo yokuyiqondisa, uma ingasondeli kuwe. 10 Omubi unezinhlupheko eziningi, kepha othemba uJehova umusa uyakumphahla. 11 Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa