Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Umkhuleko wocela ukusizwa esandleni sababi
ElikaDavide.

1 Ngikhala kuwe Jehova; Dwala lami, ungabi yisithulu kimi, funa kuthi, uma uthula kimi, ngifane nabashona emgodini.

2 Yizwa izwi lokunxusa kwami, nxa ngikhala kuwe, ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.

3 Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubi abakhuluma ukuthula nabakhelwane babo, kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.

4 Banike njengokwenza kwabo nanjengobubi bemisebenzi yabo; banike njengokwenza kwezandla zabo, baphindisele abakwenzileyo.

5 Ngokuba abayinaki imisebenzi kaJehova nokwenza kwezandla zakhe; uyakubadiliza, angabakhi.

6 Makabongwe uJehova, ngokuba ulizwile izwi lokunxusa kwami.

7 UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.

8 UJehova ungamandla abantu bakhe; uyinqaba yensindiso yogcotshiweyo wakhe.

9 Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho, ubaluse, ubathwale kuze kube phakade.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan