AmaHubo 28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUmkhuleko wocela ukusizwa esandleni sababi ElikaDavide. 1 Ngikhala kuwe Jehova; Dwala lami, ungabi yisithulu kimi, funa kuthi, uma uthula kimi, ngifane nabashona emgodini. 2 Yizwa izwi lokunxusa kwami, nxa ngikhala kuwe, ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele. 3 Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubi abakhuluma ukuthula nabakhelwane babo, kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo. 4 Banike njengokwenza kwabo nanjengobubi bemisebenzi yabo; banike njengokwenza kwezandla zabo, baphindisele abakwenzileyo. 5 Ngokuba abayinaki imisebenzi kaJehova nokwenza kwezandla zakhe; uyakubadiliza, angabakhi. 6 Makabongwe uJehova, ngokuba ulizwile izwi lokunxusa kwami. 7 UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami. 8 UJehova ungamandla abantu bakhe; uyinqaba yensindiso yogcotshiweyo wakhe. 9 Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho, ubaluse, ubathwale kuze kube phakade. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa