AmaHubo 26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUmkhuleko wohlushwa engenacala ElikaDavide. 1 Ngahlulele, Jehova, ngokuba ngihamba ekulungeni kwami; ngithemba uJehova, angiyikuntenga. 2 Ngivivinye, Jehova, ungilinge; hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami. 3 Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami; ngihamba eqinisweni lakho. 4 Angihlali nabantu bamanga, angihambelani nezimbulu. 5 Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi, angihlali nababi. 6 Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala, ngizungeza i-altare lakho, Jehova, 7 ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa, ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho. 8 Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho. 9 Ungamukisi umphefumulo wami kanye nezoni nokuphila kwami kanye nabantu begazi 10 abanehlazo ezandleni zabo, nesokunene sabo sigcwele izipho zenkohliso. 11 Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami; ngihlenge, ube nomusa kimi. 12 Unyawo lwami lumi ebaleni; ngizakudumisa uJehova emihlanganweni. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa