Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Abakwa-Israyeli bambonga uNkulunkulu ngokusinda kwenkosi yabo
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1 Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho; iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.

2 Uyinikile njengokwenhliziyo yayo, nesicelo sezindebe zayo awusinqabanga. Sela*

3 Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle; wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.

4 Yacela ukuphila kuwe, wayinika khona, izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.

5 Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho; udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.

6 Ngokuba uyibeka ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho.

7 Ngokuba inkosi iyethemba uJehova, nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.

8 Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.

9 Uyakubenza babe njengesithando somlilo, nxa ubonakalisa ubuso bakho; uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe, umlilo uyakubaqeda.

10 Isithelo sabo uyakusichitha emhlabeni kanye nenzalo yabo phakathi kwabantwana babantu.

11 Ngokuba babehlosa okubi, baceba icebo; kepha bayahluleka.

12 Ngokuba uyakubafulathelisa; ngosinga lomnsalo wakho uyakukhomba ebusweni babo.

13 Mawuphakame, Jehova, emandleni akho; thina siyakuhlabelela, sidumise amandla akho.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan