AmaHubo 2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEOgcotshiweyo kaJehova 1 Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bazindle ngokuyize na? 2 Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe ngokuthi: 3 “Masigqabule izibopho zabo, silahle izintambo zabo, zisuke kithina.” 4 Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyabadelela. 5 Ibisikhuluma kubo ngentukuthelo yayo, ibethuse ngolaka lwayo, ithi: 6 “Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.” 7 Ngizakulanda ngesinqumo: uJehova wathi kimi: “Uyindodana yami wena; namuhla ngikuzele. 8 Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimfuyo yakho. 9 Uzakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphahlaze njengesitsha sombumbi.” 10 Ngakho hlakaniphani nina makhosi; yalekani nina bahluleli bomhlaba. 11 Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela. 12 Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa