AmaHubo 18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkumbonga uNkulunkulu ngezibusiso zakhe Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide, inceku kaJehova, owakhuluma amazwi aleli hubo kuJehova mhla uJehova emsindisile esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule. Wathi: 1 Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami. 2 Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo. 3 Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami. 4 Izintambo zokufa zangizungelezela, izikhukhula zokona zangethusa. 5 Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela. 6 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe. 7 Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezintaba zathuthumela, zagubhuzela ngokuba ethukuthele. 8 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye. 9 Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe. 10 Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza; washweza ngamaphiko omoya. 11 Ubumnyama wabenza isisibekelo, idokodo lakhe elimphahlayo; amanzi amnyama, amafu anzima. 12 Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe amafu akhe abanga phambili, isichotho namalahle avuthayo. 13 UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe: isichotho namalahle avuthayo. 14 Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula, nemibani eminingi, wabadidizelisa. 15 Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova, ngokufutha komoya wamakhala akho. 16 Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi. 17 Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile. 18 Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami. 19 Wangiphumisela endaweni ebanzi; wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami. 20 UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami. 21 Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga. 22 Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angivumanga ukuba zisuke kimi. 23 Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi. 24 UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami, njengokuhlanzeka kwezandla zami phambi kwamehlo akhe. 25 Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile; kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho; 26 kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani. 27 Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa. 28 Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami. 29 Ngokuba ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange. 30 Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye. 31 Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? 32 uNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami ilunge; 33 owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami; 34 ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi. 35 Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile. 36 Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi. 37 Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi. 38 Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami. 39 Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami. 40 Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula. 41 Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula. 42 Ngabacolisisa njengothuli emoyeni; ngabalahla njengensila ezitaladini. 43 Wangikhulula ezimpini zabantu; wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza. 44 Banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela; abafo bazithoba phansi kwami. 45 Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumele. 46 UJehova usekhona, malidunyiswe iDwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami, 47 uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami; 48 ongikhululile ezitheni zami, yebo, ongiphakamisile phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu. 49 Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova, ngilihubele igama lakho. 50 Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa