Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukumbonga uNkulunkulu ngezibusiso zakhe
Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide, inceku kaJehova, owakhuluma amazwi aleli hubo kuJehova mhla uJehova emsindisile esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule. Wathi:

1 Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami.

2 Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.

3 Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami.

4 Izintambo zokufa zangizungelezela, izikhukhula zokona zangethusa.

5 Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela.

6 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.

7 Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezintaba zathuthumela, zagubhuzela ngokuba ethukuthele.

8 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye.

9 Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.

10 Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza; washweza ngamaphiko omoya.

11 Ubumnyama wabenza isisibekelo, idokodo lakhe elimphahlayo; amanzi amnyama, amafu anzima.

12 Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe amafu akhe abanga phambili, isichotho namalahle avuthayo.

13 UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe: isichotho namalahle avuthayo.

14 Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula, nemibani eminingi, wabadidizelisa.

15 Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova, ngokufutha komoya wamakhala akho.

16 Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi.

17 Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile.

18 Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami.

19 Wangiphumisela endaweni ebanzi; wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

20 UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

21 Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

22 Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angivumanga ukuba zisuke kimi.

23 Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi.

24 UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami, njengokuhlanzeka kwezandla zami phambi kwamehlo akhe.

25 Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile; kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho;

26 kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani.

27 Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa.

28 Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.

29 Ngokuba ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.

30 Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

31 Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

32 uNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami ilunge;

33 owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami;

34 ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.

35 Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile.

36 Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi.

37 Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi.

38 Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami.

39 Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami.

40 Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula.

41 Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

42 Ngabacolisisa njengothuli emoyeni; ngabalahla njengensila ezitaladini.

43 Wangikhulula ezimpini zabantu; wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.

44 Banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela; abafo bazithoba phansi kwami.

45 Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumele.

46 UJehova usekhona, malidunyiswe iDwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,

47 uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami;

48 ongikhululile ezitheni zami, yebo, ongiphakamisile phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

49 Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova, ngilihubele igama lakho.

50 Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan