AmaHubo 149 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEDumisani uJehova 1 Haleluya! Hlabelelani kuJehova igama elisha, indumiso yakhe emhlanganweni wabangcwele. 2 U-Israyeli makathokoze ngowamEnzayo, abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo. 3 Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu.* 4 Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso. 5 Abalungileyo mabethabe ngobukhosi, 6 Ukumphakamisa uNkulunkulu makube semlonyeni wabo, nenkemba esika nhlangothi zombili esandleni sabo, 7 ukuba benze impindiselo kubo abezizwe nezijeziso kubantu, 8 babophe amakhosi abo ngamaketanga nabadumileyo babo ngezibopho zensimbi, 9 bafeze phezu kwabo isahlulelo esilotshiweyo; kuludumo kubo bonke abangcwele bakhe. Haleluya! |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa