AmaHubo 147 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkudumisa uJehova, uSomandla noMninimusa 1 Haleluya! Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi; ukudumisa kufanele. 2 UJehova uyalakha iJerusalema; abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha. 3 Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo; izilonda zabo uyazibopha. 4 Uyabala inani lezinkanyezi, azibize zonke ngamagama. 5 INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa. 6 UJehova uyaphakamisa abathobekileyo; ababi uyabawisa phansi emhlabathini. 7 Hubelani uJehova ngokubonga, nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu,* 8 osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni. 9 Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo. 10 Akathokozi ngamandla ehhashi, akajabuleli imilenze yomuntu. 11 UJehova uyathokoza ngabamesabayo, abathemba umusa wakhe. 12 Jerusalema, mbabaze uJehova; Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho. 13 Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango; ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho. 14 Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho; uyakusuthisa ngokolweni omuhle. 15 Uyathumela umyalo wakhe emhlabeni; izwi lakhe ligijima ngejubane elikhulu. 16 Uyanika iqhwa njengoboya; uhlakaza isithwathwa njengomlotha. 17 Uyaphonsa isichotho sakhe njengezinhlamvu; ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na? 18 Uyathuma izwi lakhe, likuncibilikise; uyavusa umoya wakhe, amanzi agobhoze. 19 Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli. 20 Akenzanga njalo kwesinye isizwe nesisodwa: izahlulelo zakhe asizazi. Haleluya! |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa