AmaHubo 142 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkukhalela ukusindiswa ebudlwangudlwangwini babazingelayo IMaskili* likaDavide esemhumeni. Umkhuleko. 1 Ngiyakhala kuJehova ngezwi lami, ngincenga uJehova ngezwi lami. 2 Ngiyathulula ebusweni bakhe isikhalo sami, ngibonakalisa kuye inhlupheko yami. 3 Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena uyawazi umkhondo wami; endleleni engihamba ngayo bangifihlele ugibe. 4 Bheka ngakwesokunene sami, ubone ukuthi akakho onginakekelayo; isiphephelo singiphuthele, akakho okhathalela umphefumulo wami. 5 Ngikhala kuwe Jehova, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.” 6 Lalela ukukhala kwami, ngokuba ngicindezelekile kakhulu; ngikhulule kubo abangizingelayo, ngokuba banamandla kunami. 7 Khipha umphefumulo wami etilongweni ukuba ngibonge igama lakho; abalungileyo bayakungizungeza, ngokuba uyakungiphatha kahle. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa