AmaHubo 14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUbuwula nobubi babantu Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. 1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akakho uNkulunkulu.” Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo; akakho owenza okuhle. 2 UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo, ofuna uNkulunkulu. 3 Baphambukile bonke, bonakele bonke; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa. 4 Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi, abadla abantu bami, njengokuba bedla isinkwa, bangakhuleki kuJehova, na? 5 Khona besaba nokwesaba, ngokuba uNkulunkulu ukuso isizukulwane sabalungileyo. 6 Icebo lohluphekileyo niyalijabhisa, kepha uJehova uyisiphephelo sakhe. 7 Sengathi ukusindiswa kuka-Israyeli kungavela eSiyoni. Mhla uJehova ebuyisa ukuthunjwa kwabantu bakhe uJakobe uyakwethaba, u-Israyeli ajabule. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa