AmaHubo 138 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkubonga uJehova omkhulu omnene ElikaDavide. 1 Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke; phambi kwawonkulunkulu ngiyakukuhubela. 2 Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho. 3 Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula; wangiqunga isibindi, wangipha amandla emphefumulweni wami. 4 Onke amakhosi omhlaba ayakukubonga, Jehova, lapho ezwile amazwi omlomo wakho. 5 Yebo, ayakuhlabelela ngezindlela zikaJehova, ngokuba inkulu inkazimulo kaJehova. 6 Ngokuba noma uJehova ephakeme, uyanakekela nokho ophansi; uyamazi ozidlayo ekude. 7 Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko, uyakungiphilisa; uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise. 8 UJehova uyakufeza okwami; Jehova, umusa wakho umi phakade; ungashiyi imisebenzi yezandla zakho. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa