AmaHubo 135 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEIndumiso kuJehova ngezimangaliso zakhe 1 Haleluya! Dumisani igama likaJehova; mdumiseni nina zinceku zikaJehova 2 enimi endlini kaJehova emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu. 3 Dumisani uJehova, ngokuba uJehova muhle; hubelani igama lakhe, ngokuba limnandi. 4 Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe, no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe. 5 Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu. 6 Konke uJehova akuthandayo uyakwenza ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke. 7 Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe. 8 Washaya amazibulo aseGibithe, awabantu kanye nawezilwane. 9 Wathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke. 10 Washaya izizwe ezinkulu, wabulala amakhosi anamandla: 11 uSihoni inkosi yama-Amori, no-Ogi inkosi yaseBashani, nemibuso yonke yaseKhanani. 12 Wanika izwe labo laba yifa, laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe. 13 Jehova, igama lakho limi phakade; isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane. 14 Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe, ahawukele izinceku zakhe. 15 Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu. 16 Umlomo zinawo, kepha azikhulumi; amehlo zinawo, kodwa aziboni. 17 Izindlebe zinazo, kepha azizwa, nomoya awukho emlonyeni wazo. 18 Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazethembayo. 19 Wena ndlu ka-Israyeli, mbonge uJehova; wena ndlu ka-Aroni, mbonge uJehova. 20 Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova; nina enimesabayo uJehova, mbongeni uJehova. 21 UJehova makabongwe eSiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya! |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa