Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 135 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Indumiso kuJehova ngezimangaliso zakhe

1 Haleluya! Dumisani igama likaJehova; mdumiseni nina zinceku zikaJehova

2 enimi endlini kaJehova emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu.

3 Dumisani uJehova, ngokuba uJehova muhle; hubelani igama lakhe, ngokuba limnandi.

4 Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe, no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.

5 Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.

6 Konke uJehova akuthandayo uyakwenza ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.

7 Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.

8 Washaya amazibulo aseGibithe, awabantu kanye nawezilwane.

9 Wathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.

10 Washaya izizwe ezinkulu, wabulala amakhosi anamandla:

11 uSihoni inkosi yama-Amori, no-Ogi inkosi yaseBashani, nemibuso yonke yaseKhanani.

12 Wanika izwe labo laba yifa, laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe.

13 Jehova, igama lakho limi phakade; isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.

14 Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe, ahawukele izinceku zakhe.

15 Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.

16 Umlomo zinawo, kepha azikhulumi; amehlo zinawo, kodwa aziboni.

17 Izindlebe zinazo, kepha azizwa, nomoya awukho emlonyeni wazo.

18 Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazethembayo.

19 Wena ndlu ka-Israyeli, mbonge uJehova; wena ndlu ka-Aroni, mbonge uJehova.

20 Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova; nina enimesabayo uJehova, mbongeni uJehova.

21 UJehova makabongwe eSiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan