AmaHubo 130 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUmkhuleko wokuthethelelwa nokukhululwa Igama lokukhuphuka. 1 Ngikhala kuwe Jehova ngisotweni phansi. 2 Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami. 3 Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na? 4 Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe. 5 Ngiyalindela uJehova, umphefumulo wami uyalinda; ngiyalethemba izwi lakhe. 6 Umphefumulo wami uyalindela iNkosi kunabalindi belindela ukusa. 7 U-Israyeli makamethembe uJehova, ngokuba umusa ukuJehova, nokukhulula okuningi kukuye. 8 Uyakumhlenga u-Israyeli eziphambekweni zakhe zonke. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa