Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 128 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Inhlanhla yekhaya lomuntu oqotho
Igama lokukhuphuka.

1 Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.

2 Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uyakuba nenhlanhla nempumelelo.

3 Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho, abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bezungeza itafula lakho.

4 Ngokuba bheka, kanjalo iyakubusiswa indoda emesabayo uJehova.

5 UJehova makakubusise eseSiyoni; uyakubona inhlanhla yaseJerusalema zonke izinsuku zokuphila kwakho.

6 Uyakubona abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan