AmaHubo 127 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEZonke izibusiso zivela kuJehova Igama lokukhuphuka. ElikaSolomoni. 1 Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize. 2 Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele. 3 Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo. 4 Njengemicibisholo esandleni seqhawe banjalo abantwana bobusha. 5 Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona; abayikujabha lapho bekhuluma nezitha zabo esangweni. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa