AmaHubo 112 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEInhlanhla yomesabayo uNkulunkulu 1 Haleluya! Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza kakhulu ngemithetho yakhe. 2 Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa. 3 Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe; ukulunga kwakhe kumi phakade. 4 Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni: umusa, nobubele, nokulunga. 5 Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo, esekela izindaba zakhe ngokulunga. 6 Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade; olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade. 7 Akesabi imibiko emibi; inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova. 8 Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi, aze azibuke izitha zakhe ziphansi. 9 Uyaphana, uyabanika abampofu; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo. 10 Omubi uyakukubona, acunuke, agedle amazinyo akhe, abesephela; isifiso sababi siyakubhubha. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa